Dkt Mthokozisi Mdlalose
2 min readNov 3, 2023

Ngokosomlando wamaGreek uHipparcus, uthi inzalo yeLanga (spring Equinox) yayenzeka ngenkathi iLanga likumthala weAries. Lapho ke sikhuluma ngeminyaka yangowe-130 BC. UHipparcus waphawula ukuthi inzalo yeLanga ngalenkathi yayenzeka ngenkathi iLanga lisonqenqebeni olusentshonalanga yomthala kaAries. Asikuphawule ukuthi uHipparcus wayekhuluma ngenzalo yeLanga yasenyakatho nomhlaba hayi eningizimu nomhlaba.

Ucwalingo lweAstronomy luthi inzalo yeLanga (spring Equinox) yasenyakatho nomhlaba ayisenzeki ngenkathi iLanga likumthala weAries kodwa yenzeka ngenkathi iLanga lisonqenqebeni olusentshonalanga yomthala iPisces. Ngabe lenguquko idalwa yini?

Ucwaningo luthu inkomba yensika yomhlaba iyashunduza , phecelezi precession of the Earth axis of rotation. Ukushunduza kwekomba yensika yomhlaba kuyazungeza kwakhe indingiliza. Ukuphothula lendingiza kuthatha iminyaka elingaselwa kwizinkulungwane ezingamashumi amibili nesithupha ( 26 000 years). Inkomba yensika yomhlaba ihlala iminyaka elingaselwa kwizinkulungwane nekhulu elinashumi ayisithupha nesikhombisa (2167) ikhombe kweminye yemithala esiyibalulile ngenhla.

Usolwazi wamaGreek uPtolemy wathola ukuthi inkomba yensika yomhlaba iyashunduzela entshonalanga ngengoni (degree) eyodwa njalo emvakweminyaka ewe-72.

Ngokwe-Astrology elandela uhlelo lamaGreek kuthiwa leminyaka elingaselwa ku-2167 ibuswa ngokuthi “Age”. Manje kuthiwa singena kwiAge ya”Aquarius”. Ngabe kusho ukuthi lokhu? Lokho kusho ukuthi inzalo yeLanga (Spring Equinox) yasenyakatho isizoba ngenkathi iLanga likumthala iAquarius. Manje inzalo yeLanga (Spring Equinox) yasenyakatho yenzeka ngenkathi iLanga likumthala iPisces, ngabo March 21. Imiphi imithelala yolulwazi kuhlelo lwe-astrology yamaGreek?

Yonke imithala izoshunduza ngenyanga eyodwa: Pisces: March 21 — April 20 (Spring Equinox) | Aries : April 21 — May 20 |Taurus: May 21 — June 20 | Gemini: June 21 — July 22 ( Summer Solstice) | Cancer: July 23 — August 22 | Leo : August 23 — September 22 | Virgo : September 23 — October 22 ( Autumn Equinox) | Libra: October 23 — Nombever 22 | Scorpion : November 23–21 December| Sagittarius: December 22 — January 19 (Winter Solstice) | Capricorn: January 20 — February 18 | Aquarius: February 19 — March 20.

Ngabe lokhu kunamthela muni kuthina bantu esiseningizimu yomthala. Okokuqala ekumele kucace kuthi uma iLanga likumthala iCancer, inkalankala, lokhu kusho ukuthi likulomthala kubantu abasenyakatho naseningizimu, awukho umehluko. Njenganamhlanje iLanga likumthala iCancer, Uma usebenzisa iStellarium noma nanye App uzokubonalakho. Umehluko ukuthi lokho kwenzeka eningizimu kusebusika kodwa enyakatho kwenzeka besehlobo.

Umehluko omkhulu ukuthi inzalo yeLanga eninizimu ayenzeki ngenkathi iLanga likumthala iPisces kodwa izokwenzeka ngenkathi iLanga likumthala Virgo, itshitshi eliyisithixo sobumlungiswa. Enyakatho yomhlaba kuzobekuyinkathi yeTshona Langa (Autumn Equinox) kodwa sonke sizobe sibona iLanga likumthala iVirgo. Uma sithanda ukusho ukuthi sikuyiphi Age, singathi sesizongena kwiAge yeLibra, isibali sezisindo sikaVirgo.