South African Gospel Music “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Worship Song (Zulu Subs)

Melodie A. Euler
Nov 4 · 2 min read
ukuza kwesibili kukaKristu,ivangeli lombuso,amaculo okudumisa,
ukuza kwesibili kukaKristu,ivangeli lombuso,amaculo okudumisa,

South African Gospel Music “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Worship Song (Zulu Subs)

Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?

Phakathi kwabantu, ngubani ophila ebuhlungwini futhi obekezelele izinkulungwane zeminyaka yokukhohlakala kukaSathane, ongalangazeleli—ongafisi—ukufika kukaNkulunkulu? Mangaki amakholwa nabalandeli baNkulunkulu kuyo yonke le minyaka, ngaphansi kwethonya likaSathane, ababekezelele ukuhlupheka nobunzima, ukushushiswa nokulahlwa? Ngubani ongenathemba lokuthi umbuso kaNkulunkulu uzofika masinyane? Emva kokuzwa injabulo nosizi lwesintu, ngubani esintwini ongalangezeleli ukuba iqiniso nokulunga kube yikho okunamandla phakathi kwabantu?

Lapho umbuso kaNkulunkulu ufika, usuku olulindwe ngabomvu yizo zonke izizwe nabantu luyofika ekugcineni! Ngaleso sikhathi, yikuphi okuyobonakala phakathi kwazo zonke izinto ezulwini nasemhlabeni? Iyoba yinhle kangakanani impilo embusweni? Ngencwadi ethi “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni,” imithandazo yeminyaka eyizinkulungwane izofezeka!

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

    Melodie A. Euler

    Written by

    UMdali ubuyile

    Welcome to a place where words matter. On Medium, smart voices and original ideas take center stage - with no ads in sight. Watch
    Follow all the topics you care about, and we’ll deliver the best stories for you to your homepage and inbox. Explore
    Get unlimited access to the best stories on Medium — and support writers while you’re at it. Just $5/month. Upgrade